AMahubo 12:1-8

AMahubo 12:1-8 ZUL20

Yelekelela, Simakade, ngokuba akusekho muntu oqotho, nabebethembekile abasekho kubantu. Bakhuluma amanga, omunye kumakhelwane wakhe, ngezindebe ezithophayo, nangezinhliziyo ezimbaxambili, bayakhuluma. Sengathi uSimakade angazinquma izindebe ezithophayo, ulimi olukhuluma amazwi okuziqhayisa. Labo abathi: “Thina sigabe ngolimi lwethu. Sisho umathanda ngalo. Pho iphi le nkosi ethi ingasiphatha na?” Kepha Wena Simakade, uthi: “Ngenxa yabampofu abaphangwayo, nababuswezi ababubulayo, ngizakuvuka,” kusho uSimakade, “ngimbeke endaweni ephephile, ayilangazelelayo.” Amazwi kaSimakade ahlanzekile, anjengesiliva elihlanzwe esithandweni somlilo, lahlanzwa kasikhombisa emhlabathini. Wena Simakade uyakubagcina, umvikele kulesi sizukulwane, kuze kube phakade. Izikhohlakali zehla zenyuka, zibukisa, njengoba ububi budlangile nje phakathi kwabantwana babantu.