Yelekelela, Simakade, ngokuba akusekho muntu oqotho, nabebethembekile abasekho kubantu. Bakhuluma amanga, omunye kumakhelwane wakhe, ngezindebe ezithophayo, nangezinhliziyo ezimbaxambili, bayakhuluma. Sengathi uSimakade angazinquma izindebe ezithophayo, ulimi olukhuluma amazwi okuziqhayisa. Labo abathi: “Thina sigabe ngolimi lwethu. Sisho umathanda ngalo. Pho iphi le nkosi ethi ingasiphatha na?” Kepha Wena Simakade, uthi: “Ngenxa yabampofu abaphangwayo, nababuswezi ababubulayo, ngizakuvuka,” kusho uSimakade, “ngimbeke endaweni ephephile, ayilangazelelayo.” Amazwi kaSimakade ahlanzekile, anjengesiliva elihlanzwe esithandweni somlilo, lahlanzwa kasikhombisa emhlabathini. Wena Simakade uyakubagcina, umvikele kulesi sizukulwane, kuze kube phakade. Izikhohlakali zehla zenyuka, zibukisa, njengoba ububi budlangile nje phakathi kwabantwana babantu.
Funda AMahubo 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: AMahubo 12:1-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo