AMahubo 119:143-176

AMahubo 119:143-176 ZUL20

Ukuhlupheka nosizi kungehlele; imiyalo yakho iyintokozo yami. Ukulunga kobufakazi bakho kumi ingunaphakade; ngiphe ukuqonda ukuze ngiphile. Ngizwe Simakade, ngikhala ngenhliziyo yami yonke; ngizozigcina izimiso zakho. Ngikhala kuwe, ngisindise; ngizobugcina ubufakazi bakho. Ngivuka ekuseni ngovivi ngikhale; ngiyawethemba amazwi akho. Ngiqwasha kuze kube kwesikabhadakazi, ukuze ngizindle ngezwi lakho. Simakade, yizwa izwi lami ngokomusa wakho, ungiphilise ngokwezehlulelo zakho. Bayasondela abalandela inkohlakalo; bakude nomthetho wakho. Wena Simakade useduze; imiyalo yakho yonke iyiqiniso. Kade ngazi kwasemandulo ngobufakazi bakho ukuthi ubusekele kuze kube phakade. Bheka ukuhlupheka kwami, ungikhulule, ngokuba angiwukhohlwa umthetho wakho. Mela indaba yami, ungihlenge, ungiphilise ngokwezwi lakho. Ukusindiswa kukude nezikhohlakali, ngokuba azizifuni izimiso zakho. Ububele bakho, Simakade, bukhulu; ngiphilise ngokwezehlulelo zakho. Abangizingelayo nabayizitha zami baningi, kodwa angichezuki emiyalelweni yakho. Uma ngibona amambuka, ngiyadikibala, ngokuba awaligcini izwi lakho. Bheka ukuthi ngizithanda kangakanani iziyalezo zakho, Simakade; ngiphilise ngokomusa wakho. Amazwi akho wonke ayiqiniso; zonke izehlulelo zakho ezilungileyo zimi kuze kube phakade. Izikhulu zingizingela ngaphandle kwesizathu, kodwa inhliziyo yami yesaba izwi lakho. Ngiyathokoza ngezwi lakho njengomuntu ejabulela impango eningi. Amanga ngiyawazonda, futhi ngiyawenyanya, kodwa ngiyawuthanda umthetho wakho. Kasikhombisa ngosuku, ngiyakudumisa ngezehlulelo zokulunga kwakho. Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu; akukho sikhubekiso kubo. Simakade, ngethemba insindiso yakho, futhi nemiyalo yakho ngiyayigcina. Umphefumulo wami ugcina ubufakazi bakho; ngibuthanda kakhulu. Ngigcina iziyalezo zakho nemiyalo yakho, ngokuba izindlela zami zonke ziphambi kwakho. Ukukhala kwami makufinyelele phambi kwakho, Simakade; ngiqondise ngokwezwi lakho. Ukunxusa kwami makufinyelele phambi kwakho; ngihlenge ngokwezwi lakho. Umlomo wami mawuchichime indumiso, ngokuba uyangifundisa izimiso zakho. Ulimi lwami malukhulume izwi lakho, ngokuba imiyalo yakho yonke ilungile. Isandla sakho masibe lusizo kimi, ngokuba ngikhethe iziyalezo zakho. Ngiyayilangazelela insindiso yakho, Simakade; umthetho wakho uyintokozo yami. Umphefumulo wami mawuphile, ukudumise; izehlulelo zakho mazingisize. Ngiduka njengemvu elahlekileyo; funa inceku yakho, ngokuba angiyikhohlwa imiyalo yakho.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne AMahubo 119:143-176