AMahubo 114

114
Ukuphuma Kuka-Israyeli EGibhithe
1Ngesikhathi u-Israyeli ephuma eGibhithe,
indlu kaJakobe iphuma kubantu
ababekhuluma olunye ulimi,
2uJuda waba yindlu kaSimakade engcwele,
u-Israyeli waba ngumbuso wakhe.
3Ulwandle lwakubona, lwabaleka,
iJordani labuyiselwa emuva.
4Izintaba zatshekula njengezinqama,
amagquma, njengamawundlu.
5Unani wena lulwandle ukuba ubaleke,
nawe Jordani ukuba ubuyiselwe emuva na?
6Ninani zintaba ukuba nitshekule njengezinqama,
nani magquma, njengamawundlu na?
7Thuthumela, mhlaba, phambi kweNkosi,
phambi kukaNkulunkulu kaJakobe.
8Yena ophendula idwala
libe yichibi lamanzi,
insengetsha, ibe ngumthombo wamanzi.

Okuqokiwe okwamanje:

AMahubo 114: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume