AMahubo 104:24-28

AMahubo 104:24-28 ZUL20

Simakade, yaze yaba miningi imisebenzi yakho, yonke uyenze ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho. Bheka nje ulwandle, lukhulu, lubanzi, kulo kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa, izilwane ezincane nezinkulu. Kulo kuntweza imikhumbi, inkanyamba yasolwandle oyidalileyo idlala kulo. Zonke lezi zidalwa zibheke Wena, ukuze uzinike ukudla kwazo ngesikhathi esifaneleyo. Uyazinika ukudla, zikubuthe; uvula isandla sakho, zisuthe ngokuhle.