IZaga 30

30
Amazwi Ka-Aguri
1Amazwi ka-Aguri, indodana kaJakhe. Yathi le ndoda ku-Itheli, no-Ukhali:
2 “Impela ngiyisiwula kunabanye abantu;
anginakho ukuqonda komuntu.
3Angifundanga ukuhlakanipha,
ukuze ngazi oNgcwele.
4 Ngubani owenyukele ezulwini,
wabuye wehla na?
Ngubani oqoqele umoya
ezandleni zakhe na?
Ngubani osonge amanzi
ngengubo yakhe na?
Ngubani omise yonke
imikhawulo yomhlaba na?
Ngubani igama lakhe,
ngubani igama lendodana yakhe;
ukhona yini olaziyo na?
5 “Wonke amazwi kaNkulunkulu ahloliwe;
uyisihlangu kwabaphephela kuye.
6 Ungenezeli emazwini akhe, funa akusole,
ufunyanwe ungumqambimanga.
7“Zimbili izinto engizicela kuwe ngingakafi;
ungangincishi zona.
8 Dedisela kude nami okuyize namanga,
unganginiki ubuphofu noma ingcebo,
kepha ngiphe isinkwa esinganeleyo,
9 funa ngisuthe, bese ngikuphika, ngithi:
‘USimakade ungubani na?’
funa ngibe mpofu, ngebe,
ngilihlambalaze igama likaNkulunkulu wami.
10 “Ungayihlebi inceku enkosini yayo,
funa ikuqalekise, ube necala.
11 “Kukhona isizukulwane esiqalekisa uyise,
nesingambusisi unina.
12 Lesi yisizukulwane esizibona simsulwa
emehlweni aso,
esingahlanzwanga insila yaso.
13 Kunesizukulwane esiziqhenya kakhulu,
futhi singamaqhalaqhala.
14 Isizukulwane esimazinyo ayizinkemba,
namazinyo emihlathi yaso
ayimimese yokuqeda abampofu emhlabeni,
nabasweleyo kubantu.
15“Umsundu unamadodakazi amabili, athi:
‘Siphe, siphe.’
“Kukhona izinto ezintathu ezingasuthi,
nezine ezingasho
ukuthi: ‘Kwanele!’:
16 indawo yabafileyo,
isibeletho soyinyumba,
umhlabathi ongeneliswa ngamanzi,
nomlilo ongasho ukuthi:
‘Sekwanele!’
17 “Iso eliklolodela uyise
nelidelela ukulalela unina
liyokopolotwa ngamagwababa asemfuleni,
lidliwe ngamachwane okhozi.
18“Kukhona izinto ezintathu
ezingimangalisa kakhulu,
yebo, ezine engingazaziyo:
19 indlela yokhozi emkhathini,
indlela yenyoka edwaleni,
indlela yomkhumbi phakathi nolwandle
nendlela yendoda entombini.
20“Injena-ke indlela yowesifazane ophingayo:
uyadla, bese esula
umlomo wakhe, athi:
“Angenzanga okubi.”
21“Umhlaba uyazamazama phansi kwezinto ezintathu,
yebo, phansi kwezine ongakwazi ukuzithwala:
22 lapho inceku ibekwa iba yinkosi,
nesiwula sisutha ngenxa yokudla okwanele,
23nalapho isaliwakazi sigcagca,
nencekukazi ithatha indawo yenkosikazi yayo.
24“Kukhona izinto ezine ezincane emhlabeni,
kodwa zihlakaniphe kakhulu:
25 izintuthwane ziyisizwe esingenamandla,
kanti ziyalungisa ukudla kwazo ehlobo;
26 izimbila ziyisizwe esibuthakathaka,
kanti ziyakha izindlu zazo edwaleni;
27izinkumbi azinankosi,
kodwa ziyaphuma zonke ngamaviyo;
28isibankwa ungasibamba ngezandla zombili,
kanti sisendlini yenkosi.
29“Kukhona izinto ezintathu ezinyathela ngesizotha,
yebo, ezine ezihamba ngesithunzi:
30 ingonyama, iqhawe ezilwaneni,
ayihlehli phambi kwanoma yisiphi esinye;
31 ihhashi lempi, impongo,
nenkosi lapho ihola impi yayo.
32 “Uma wenze ubuwula waziphakamisa,
noma wakha icebo elibi, thula.
33Ngokuba njengoba ukuphehla ubisi
kuveza ibhotela,
uma ucindezela ikhala kuphuma igazi;
kanjalo uma ucindezela ulaka
udala ingxabano.”

Okuqokiwe okwamanje:

IZaga 30: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume