IZaga 23

23
Amazwi Ezihlakaniphi: Isigaba Sokuqala (2)
1Uma uhlezi etafuleni
udla nombusi,
qaphelisisa ukuthi yini ephambi kwakho;
2uma uyisiminzi uzithibe,
ubeke ummese emphinjeni wakho.
3 Ungazihaheli izilovela ezivela kumbusi,
ngokuba ziwudobo lokukuyenga.
4 Ungazikhandli ukuze ucebe;
hlakanipha ngokwanele, ulinde.
5 Usathi phayiphayi amehlo, akusekho,
ngokushesha sekumile amaphiko njengokhozi,
kwajubalalela emazulwini.
6 Ungadli ukudla koneso elibi,
ungafisi izilovela zakhe,
7ngokuba ungozicabangelayo,
athi kuwe:
“Yidla uphuze,”
kepha inhliziyo yakhe ayikho kuwe.
8Umthamo owudlileyo uyakuwuphalaza,
udlale ngamazwi akho okuncoma.
9 Ungasikhuzi isiwula,
ngoba siyakudelela ukuhlakanipha kwamazwi akho.
10 Ungasusi isikhonkwane esidala,
ungangeni emasimini ezintandane,
11 ngokuba umhlengi wazo unamandla;
uyakuyimela indaba yazo.
12 Beka inhliziyo yakho ekuyalweni,
nezindlebe zakho emazwini olwazi.
13 Ungayeki ukumyala umntwana,
ngokuba uma umshaya ngoswazi akayukufa.
14 Uma umshaya ngoswazi,
uhlenga umphefumulo wakhe
endaweni yabafileyo.
15 Ndodana yami,
uma inhliziyo yakho ihlakanipha,
inhliziyo yami iyakuthokoza,
yebo, eyami.
16Izibilini zami ziyakujabula,
lapho izindebe zakho zikhuluma okulungileyo.
17 Inhliziyo yakho mayingabi nomhawu ngezoni,
kunalokho mesabe njalo uSimakade.
18 Impela likhona ikusasa,
nethemba lakho aliyukushatshalaliswa.
19 Ndodana yami,
lalela uhlakaniphe,
inhliziyo yakho uyihole ngendlela enhle.
20 Ungabi mdibimunye
nezinkolotshe zewayini namakloza,
21 ngokuba inkolotshe nesiminzi bagcina bempofu,
ukozela kubenze bagqoke amanikiniki.
22 Lalela uyihlo owakuzalayo,
ungamdeleli unyoko lapho esemdala.
23 Thengisisa iqiniso, ukuhlakanipha,
ukuyalwa, nokuqonda,
ungathengisi ngakho.
24 Uyise wohlakaniphileyo uyethaba nokwethaba,
nozala ohlakaniphileyo uyathokoza ngaye.
25Mabathokoze oyihlo nonyoko,
ethabe owakuzalayo.
26 Ndodana yami,
ngiphe inhliziyo yakho,
amehlo akho enamele izindlela zami.
27 Ngokuba isifebe singumgodi ojulileyo,
nowesifazane ondindayo uligodi eliminyeneyo.
28 Ucutha njengomphangi,
andise inani labantu abambuluzayo.
29 Ngubani othi:
“Maye!”
Ngubani onosizi na?
Ngubani onengxabano na?
Ngubani okhonondayo na?
Ngubani olimele kungenasisusa na?
Ngubani onamehlo aklwelileyo na?
30 Yilabo abahlalela iwayini,
abaphuza noma yiliphi iwayini elixutshiweyo.
31 Ungabolibuka iwayini ulibone libomvu,
licwebezela endebeni,
lehla kalula emphinjeni,
32 ekugcineni liluma njengenyoka;
lihlaba njengebululu.
33Amehlo akho azobona imihlola,
inhliziyo yakho ikhulume okuphambeneyo.
34Uyakuba njengolele ekujuleni kolwandle,
nohlezi esihlokweni sensika yomkhumbi.
35 Uyakuthi:
“Bagadlile, angalimala;
bangishayile, ngangaqonda ukuthi kwenzekeni.
Ekuvukeni kwami, ngisayobuye ngilifune.”

Okuqokiwe okwamanje:

IZaga 23: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo