KwabaseFiliphi 4:2-8

KwabaseFiliphi 4:2-8 ZUL20

Ngiyabayala o-Ewodiya noSintike ukuba babe nokuqonda okufanayo eNkosini. Yebo, ngiyakunxusa nawe mhlobo wami oqotho, ukuba ubalekelele labo besifazane, ngokuba bahlanganyela nami evangelini, benoKlemente nezinye izisebenzi zami, amagama azo alotshiwe encwadini yokuphila. Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: thokozani! Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze. Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngomkhuleko, ngokunxusa nangokubonga. Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakuzilondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKhristu uJesu. Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, uma kukhona okuhle, noma okubongekayo, zindlani ngakho.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseFiliphi 4:2-8