KwabaseFiliphi 4:15-20

KwabaseFiliphi 4:15-20 ZUL20

Nina baseFiliphi niyazi ukuthi ekuqaleni kwevangeli, ngesikhathi ngiphuma eMakhedoniya, kwakungekho ngisho nelilodwa ibandla elahlanganyela nami maqondana nokupha nokwamukela, ngaphandle kwenu kuphela. Nalapho ngiseThesalonikha nangithumelela usizo kanye nakabili ngenxa yokweswela kwami. Akusikho ukuthi ngifuna isipho, kodwa ngifuna isithelo esiyakwandisa okubalelwa kini. Kepha nginakho konke ngokwevile, impela nganelisiwe ngengikwamukeliswe ngu-Ephafrodithu obekuvela kini; kuliphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu. UNkulunkulu wami uyakunabela konke enikudingayo ngokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKhristu uJesu. Makube ludumo kuNkulunkulu uBaba wethu, kuze kube phakade naphakade. Amen.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseFiliphi 4:15-20