KwabaseFiliphi 2:1-11

KwabaseFiliphi 2:1-11 ZUL20

Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKhristu, uma kukhona ukududuzeka ngothando, uma kukhona inhlanganyelo kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu, gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe namqondo munye, ninothando lunye, nibe nhliziyonye, nicabanga into yinye. Ningenzi lutho ngombango nangokuziphakamisa okuyize, kodwa ngokuzithoba, nazise abanye ngokungathi bakhulu kunani. Yilowo nalowo anganaki okungokwakhe, kodwa anake nokwabanye. Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKhristu uJesu, owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu. Kepha wazidela, wathatha isimo senceku, wazalwa waba ngumuntu, wabonakala enesimo somuntu. Wazithoba, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano. Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa, wamnika igama elingaphezu kwamagama wonke, ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo wonke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba nezilimi zonke zivume ukuthi UJESU KHRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseFiliphi 2:1-11