INumeri 9:15-23

INumeri 9:15-23 ZUL20

Ngosuku okwamiswa ngalo ithabanakeli, ifu lalilisibekela ithabanakeli nethende lobufakazi; kusihlwa laliba phezu kwethabanakeli libonakale njengomlilo kuze kube sekuseni. Kwakuhlala kunjalo, ifu lalilisibekela, kubonakale umlilo ebusuku. Noma yinini lapho ifu liphakama ethendeni, abakwa-Israyeli babehamba, kuthi lapho ifu lima khona, nabo bakanise lapho. Abakwa-Israyeli babesuka njengokusho kukaSimakade, kuthi ngokuyala kwakhe bakanise sonke isikhathi lapho ifu lihleli phezu kwethabanakeli. Nalapho ifu lihleli phezu kwethabanakeli izinsuku eziningi, abakwa-Israyeli babesigcina isiyalo sikaSimakade, bangahambi. Ngesinye isikhathi ifu lalima phezu kwethabanakeli izinsuku ezimbalwa. Babehlala enkanjini ngokwesiyalezo sikaSimakade, bahambe futhi njengokuyala kukaSimakade. Kokunye ifu lalihlala ubusuku nje obubodwa kuze kube sekuseni; kuthi uma liphakanyiswa ekuseni, bahambe. Noma ngabe ifu lalingahlala ubusuku nemini, kwakuthi uma lenyuswa baqhubeke nohambo. Noma lalihleli phezu kwethabanakeli izinsuku ezimbili, noma inyanga, noma isikhathi esingakanani, abakwa-Israyeli babehlala enkanjini bangaqhubeki nohambo, kodwa kwakuthi lapho liphakanyiswa, bahambe. Ngezwi likaSimakade babekanisa, nangezwi likaSimakade bahambe; baligcina izwi likaSimakade aliyaleza ngesandla sikaMose.

Funda INumeri 9