INumeri 8

8
Ukubekwa Kwezibani
1 USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 2 “Yisho ku-Aroni uthi kuye: ‘Lapho ubeka izibani, izibani eziyisikhombisa ziyakukhanyisa phambi kothi lwezibani.’ ”
3U-Aroni wenza kanjalo, wabeka izibani zalo ukuze zikhanyise phambi kothi lwezibani njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose. 4 Uthi lwezibani lwalwakhiwe ngegolide elicangcathiweyo, kusukela esinqeni salo kuya ezimbalini zalo. Lalifana nse nomfanekiso uSimakade awubonisa uMose; walwenza kanjalo uthi lwezibani.
Ukuhlanjululwa KwabaLevi Nokwahlukaniselwa USimakade
5USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 6“Thatha abaLevi kubantu bakwa-Israyeli, ubahlambulule. 7 Uyakubahlambulula kanje: bafafaze ngamanzi okuhlambulula, ubenze baphuce zonke iziboya ezisemizimbeni yabo, bahlanze izingubo zabo; bazihlambulule. 8 Bayothatha iduna nomnikelo wokusanhlamvu, impuphu ecolisekileyo exovwe namafutha. Uyothatha iduna lesibili libe ngumnikelo wesono. 9Uyobaletha abaLevi phambi kwethende lokuhlangana, uqoqe yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli. 10Uyosondeza abaLevi phambi kukaSimakade, abantu bakwa-Israyeli babeke izandla zabo phezu kwamakhanda abo. 11 U-Aroni uyobaletha abaLevi phambi kukaSimakade babe ngumnikelo wokuzungeziswa ovela kubantu bakwa-Israyeli ukuze benze umsebenzi kaSimakade.
12“AbaLevi bayobeka izandla zabo ezinhlokweni zamaduna, wena unikele ngelinye lawo libe ngumnikelo wesono, nangelinye libe ngumnikelo wokushiswa kuSimakade, ubenzele abaLevi ukubuyisana.
13“AbaLevi uyakubabeka phambi kuka-Aroni namadodana akhe, unikele ngabo kuSimakade babe ngumnikelo wokuzungeziswa. 14 AbaLevi uyobehlukanisa phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, abaLevi bayoba ngabami.
15“Emveni kwalokho abaLevi bayongena ethendeni lokuhlangana ukuyokwenza inkonzo yalo. Uyakubahlambulula ubanikele, babe ngumnikelo wokuzungeziswa. 16 Banikelwe kimi bevela phakathi kwabantu bakwa-Israyeli, esikhundleni samazibulo wonke abantu bakwa-Israyeli, ngizithathele bona ukuba babe ngabami. 17 Wonke amazibulo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli angawami, awabantu nawezilwane, ngazehlukanisela wona kusukela mhla ngibulala amazibulo wonke eGibhithe. 18Nokho ngizithathele abaLevi esikhundleni sawo wonke amazibulo abantu bakwa-Israyeli. 19 AbaLevi ngibanike u-Aroni namadodana akhe ukuba abe yisipho sabo esivela kubantu bakwa-Israyeli ukuze benze umsebenzi wabantu bakwa-Israyeli ethendeni lokuhlangana, nokubenzela abakwa-Israyeli ukubuyisana, ukuze kungabi bikho sifo phakathi kwabo, lapho abantu bakwa-Israyeli besondela endaweni engcwele.”
20UMose no-Aroni nayo yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli, benza kubaLevi njengakho konke uSimakade ayeyale ngakho uMose ngabaLevi; abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo-ke. 21 AbaLevi bazihlambulula, bahlanza nezingubo zabo. U-Aroni wayesebaletha njengomnikelo wokuzungeziswa phambi kukaSimakade, ukuze u-Aroni abenzele ukubuyisana, abahlambulule. 22Emveni kwalokho abaLevi bahamba ukuyokwenza umsebenzi wabo ethendeni lokuhlangana phambi kuka-Aroni namadodana akhe, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose ngabo. Benza kanjalo-ke kubaLevi.
23USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 24 “Nanku umsebenzi wabaLevi: kusukela kwabaneminyaka engama-25 kuya phezulu, kwabayongena ukwenza umsebenzi wenkonzo ethendeni lokuhlangana. 25Kusukela kwabaneminyaka engama-50 bayoyeka ukwenza umsebenzi wenkonzo, abasayukuphinde bawenze futhi. 26Kepha bangabasiza abafowabo ethendeni lokuhlangana ukuze bagcine imisebenzi yabo, nokho bona ngeke besawenza lowo msebenzi. Uyokwenza kanjalo-ke kubaLevi maqondana nemisebenzi yabo.”

Okuqokiwe okwamanje:

INumeri 8: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume