INumeri 32

32
Izizwana Ezasala Phesheya KweJordani
1 Abozalo lukaRubeni nabolukaGadi babenemfuyo eningi kakhulu. Lapho bebona ukuthi izwe lakwaJazeri nelakwaGileyadi liyindawo enhle emfuyweni yabo, 2 beza bakhuluma noMose, no-Eleyazare umphristi, nezikhulu zenhlangano, bathi: 3 “I-Atharothi, iDibhoni, iJazeri, iNimra, iHeshibhoni, i-Elehale, iSebhamu, iNebho neBhehoni, 4izwe uSimakade alinqobela abakwa-Israyeli liyizwe elihle emfuyweni, kanti izinceku zakho zifuyile.”
5Bathi futhi: “Uma sifumene umusa emehlweni akho, linike izinceku zakho leli lizwe libe yifa lazo; ungasiwelisi iJordani.”
6UMose wathi kwabozalo lukaGadi nabolukaRubeni: “Kuyothi lapho abafowenu beyohlasela, nina nihlale lapha na? 7 Nibathenelani amandla abakwa-Israyeli baze bangafuni ukuwela baye ezweni uSimakade abanike lona na? 8 Noyihlo benza kanjalo mhlazana ngibathume ukuyohlola izwe besuka eKadeshi Bharineya. 9Ekukhuphukeni kwabo beya esigodini i-Eshikholi balibona izwe, babathena amandla abakwa-Israyeli ukuba bangangeni ezweni uSimakade abanike lona. 10 Intukuthelo kaSimakade yavutha ngalolo lusuku, wafunga wathi: 11‘Impela kulaba bantu abaphuma eGibhithe, akukho namunye kubo oyolibona izwe engafunga ngalo ku-Abhrahama, no-Isaka noJakobe, kusukela kwaba neminyaka engama-20 kuya phezulu, ngokuba abangilandelanga ngokupheleleyo. 12NguKhalebhu, indodana kaJefune, umKhenizi noJoshuwa, indodana kaNuni, kuphela abamlandela ngokupheleleyo uSimakade.’ 13Intukuthelo kaSimakade yabavuthela abakwa-Israyeli, wabazulisa ehlane iminyaka engama-40, saze saphela sonke leso sizukulwane esasenze okubi emehlweni kaSimakade.
14“Bhekani, nina nzalo yezoni, senivukile esikhundleni sawoyihlo ukwandisa intukuthelo enkulu kaSimakade ngo-Israyeli. 15Uma nibuyela emuva ningamlandeli, uyophinde abashiye ehlane, nibhubhise bonke laba bantu.”
16Basondela kuye, bathi: “Lapha sizokwakhela izimvu, izibaya nezingane zethu, imizi; 17 kodwa thina luqobo siyosheshe sihlome, sihambe phambi kwabantu bakwa-Israyeli, size sibafinyelelise endaweni yabo. Izingane zethu ziyosala emizini ebiyelweyo, ngenxa yabakhileyo ezweni. 18 Asiyukubuyela ezindlini zethu abakwa-Israyeli bengakalidli ifa labo, kube yilowo nalowo wabo athole isabelo sakhe. 19Ngokuba asiyukulidla ifa nabo ngaphesheya kweJordani ngaleya, lokhu sesilidlile elethu ifa nganeno kweJordani, ngasempumalanga.”
20 UMose wayesethi kubo: “Uma senizokwenza lokhu, nihlome, nihambe phambi kukaSimakade, niyokulwa, 21wonke amadoda akini ahlomile phambi kukaSimakade, awele iJordani, ephuce izitha zakhe phambi kwakhe; 22 izwe linqotshwe phambi kukaSimakade, khona niyobuyela emuva, ningenacala kuSimakade naku-Israyeli. Leli lizwe liyoba yifa lenu phambi kukaSimakade.
23“Kepha uma ningeyukwenza kanjalo, niyobe nonile kuSimakade, futhi yazini ukuthi niyoba nesono. 24 Zakheleni nina nezingane zenu imizi, nakhele nezimvu zenu izibaya, nenze lokho ebenikushilo.”
25Abozalo lukaGadi nabolukaRubeni bakhuluma kuMose, bathi: “Izinceku zakho ziyokwenza njengalokhu inkosi yami iyala. 26Izingane zethu nomkethu nemfuyo yethu kuyohlala lapho emizini yakwaGileyadi, 27kodwa izinceku zakho ziyowela, zihlomele ukulwa phambi kukaSimakade, ziyophuma zilwe, njengalokhu isho inkosi yami.”
28 UMose wayeseyala ngabo u-Eleyazare, umphristi noJoshuwa, indodana kaNuni, nabaholi bezindlu zawoyise bezizwana zabantu bakwa-Israyeli. 29UMose wathi kubo: “Uma abakwaGadi nabakwaRubeni bewela nani iJordani, bonke behlomele ukulwa phambi kukaSimakade, izwe balinqobe phambi kwenu, niyobanika izwe lakwaGileyadi libe yifa labo. 30Kodwa uma bengaweli nani behlomile, bayonikwa ifa phakathi kwenu eKhanani.”
31Abozalo lukaGadi nabolukaRubeni baphendula, bathi: “Kuyoba njengalokhu uSimakade eshilo kuzo izinceku zakho, siyokwenza kanjalo. 32Siyakuwela sihlomile phambi kukaSimakade, siye eKhanani, nokho izwe eliyifa lethu liyosala lingelethu ngaphesheya kweJordani.”
33 UMose wayesenika abozalo lukaGadi nabolukaRubeni nengxenye yesizwana sakwaManase, indodana kaJosefa, umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori nombuso ka-Ogi inkosi yaseBhashani, izwe nemizi nezifunda ezizungeze imizi yezwe.
34Abozalo lukaGadi bakha kabusha iDibhoni, ne-Athorithi, ne-Aroweri, 35i-Athirothi Shofanu, iJazeri, iJogibheha, 36iBhethi Nimra, neBhethi Harana, imizi ebiyelweyo nezibaya zezimvu. 37Abozalo kukaRubeni bakha kabusha iHeshibhoni, i-Elehale, iKiriyathayimi, 38iNebho, neBhali Mehoni neSibhima; yonke imizi bayiqamba amagama amasha.
39 Abozalo lukaMakhiri, indodana kaManase, badla elakwaGileyadi, baxosha ama-Amori ayekulo. 40UMose wanika uMakhiri, indodana kaManase, elakwaGileyadi, wahlala kulo. 41 UJayiri, indodana kaManase, wahamba wadla imizana yalo, wayibiza ngokuthi yiHawothi Jayiri. 42UNobha wahamba wadla iKenathi nemizi yalo, walibiza ngokuthi iNobha, okuyigama lakhe.

Okuqokiwe okwamanje:

INumeri 32: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume