INumeri 15:1-21

INumeri 15:1-21 ZUL20

USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma nifika ezweni engizakuninika lona ukuba nihlale kulo, senenza umnikelo womlilo kuSimakade, umnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokufeza isifungo, noma umnikelo wesihle, noma owemikhosi yenu emisiweyo ukwenza iphunga elimnandi kuSimakade, ezinkomeni noma ezimvini, khona-ke lowo onikela ngomnikelo wakhe uyoletha kuSimakade umnikelo wokusanhlamvu wokweshumi kwempuphu ecolisekileyo exovwe nokwesine kwehini lamafutha; newayini libe ngumnikelo wokuphuzwayo, uyonikela okwesine kwehini noma nomnikelo wokushiswa kube yimvana eyodwa yomhlatshelo. “ ‘Inqama uyakuyilungisela okweshumi okubili kwempuphu ecolisekileyo exovwe nokwesithathu kwehini lamafutha, kube ngumnikelo wokusanhlamvu. Uyonikela okwesithathu kwehini lewayini kube ngumnikelo wokuphuzwayo nephunga elimnandi kuSimakade. “ ‘Uma unikela ngeduna njengomnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokufeza isifungo, noma iminikelo yokuthula kuSimakade, ngaphezu kweduna lelo, uyoletha umnikelo wokusanhlamvu wokweshumi okuthathu kwempuphu ecolisekileyo exovwe nengxenye yehini lamafutha. Uyonikela ngengxenye yehini lewayini libe ngumnikelo wokuphuzwayo, kube ngumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuSimakade. Kuyokwenziwa kanjalo ngaleyo naleyo nkunzi, noma ngaleyo naleyo nqama, noma ngaleyo naleyo mvana yeduna, noma ngamazinyane ezimbuzi; njengokwenani enililungisileyo, niyokwenza kanjalo kuleyo naleyo njengokwenani lazo. “ ‘Bonke abangabozalo bayokwenza kanjalo lezi zinto, bayonikela ngomnikelo womlilo wephunga elimnandi kuSimakade. Umfokazi ogogobele kwakho, noma ophakathi kwenu ezizukulwaneni zenu, uyonikela ngomnikelo womlilo wephunga elimnandi kuSimakade, uyokwenza njengalokhu nani nenza. Kuyoba yisimiso esifanayo saphakade ebandleni, kini nakumfokazi ogogobeleyo kini, ezizukulwaneni zenu; njengani uyoba njalo umfokazi phambi kukaSimakade. Kuyoba ngumthetho munye nesimiso esisodwa kinina nakumfokazi ogogobeleyo kini.’ ” USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Uma nifika ezweni enginiyisa kulo, kuyothi lapho nidla isinkwa sezwe, ninikele ngomnikelo wokuphakanyiswa kuSimakade. Niyonikela ngeqebelengwane lenhlama yenu yokuqala libe ngumnikelo wokuphakanyiswa; njengalokhu nenza umnikelo wokuphakanyiswa wesibuya, niyowenza kanjalo. Ngenhlama yenu yokuqala, niyonika uSimakade umnikelo wokuphakanyiswa ezizukulwaneni zenu.