UNehemiya 9:19-21

UNehemiya 9:19-21 ZUL20

“Nokho awubalahlanga ehlane, ngenxa yobubele bakho obukhulu. Emini insika yefu ayiyekanga ukubahola endleleni yabo, nasebusuku insika yomlilo yaqhubeka yabakhanyisela endleleni yabo. Wabanika uMoya wakho omuhle, ukubafundisa. Awuzange ubancishe imana yakho, wabuye wabanika amanzi okucima ukoma. Iminyaka engamashumi amane, wabanakekela ehlane; abantulanga lutho, izingubo zabo aziguganga, nezinyawo zabo azivuvukalanga.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo