Ngase ngithi kubo: “Niyayibona yini inkathazo esikuyo, ukuthi iJerusalema liyincithakalo, namasango alo ashisiwe na? Wozani, masakhe kabusha ugange ukuze singaphinde sibe yihlazo.” Ngabatshela ukuthi isandla esihle sikaNkulunkulu wami sibe nami kanjani, nangamazwi inkosi eyayiwakhulume kimi. Bathi: “Masisukume sakhe.” Base bewuqala ngentshisekelo umsebenzi. Kwathi lapho uSanibhalathi umHoroni, uThobiya inceku engumAmoni, noGeshemi umArabhu bekuzwa lokho, basihleka usulu besibhinqa, bethi: “Nenzani nje nempela na? Senivukela inkosi na?” Ngabathumelela impendulo ethi: “UNkulunkulu wezulu uzosiphumelelisa, thina zinceku zakhe sizosukuma, siqale sakhe kabusha, kodwa nina aninasabelo, nalungelo, nanto eyisikhumbuzo eJerusalema.”
Funda UNehemiya 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: UNehemiya 2:17-20
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo