UNehemiya 2:11-18

UNehemiya 2:11-18 ZUL20

Ngafika eJerusalema ngahlala khona izinsuku ezintathu. Ngavuka ebusuku, ngahamba namanye amadoda; angitshelanga muntu ngalokho uNkulunkulu wami ayekubeke enhliziyweni yami ukuba ngikwenzele iJerusalema. Angithathanga silwane ngaphandle kwaleso engangisigibele. Ngaphuma ebusuku ngeSango Lesigodi, ngahamba ngaseningizimu yoMthombo KaDrago, ngaze ngayofika eSangweni Lomquba, ngazihlola izingange eJerusalema ezazibhidlizelwe phansi namasango alo ayeshiswe ngomlilo. Ngaqhubekela eSangweni Lomthombo naseChibini Lenkosi, kodwa kwakungasekho ndlela yokuba isilwane engangigibele kuso siqhubeke. Ngakhuphuka ngomhosha ebusuku, ngihlola ugange. Ngase ngibuyela emzini, ngangena ngeSango Lesigodi; ngabuya kanjalo-ke. Akukho namunye ezikhulwini owayazi ukuthi bengiyephi nokuthi ngangenzani. Ngangingakabatsheli abaJuda, abaphristi, abaholi, izikhulu nabanye ababezokwenza umsebenzi. Ngase ngithi kubo: “Niyayibona yini inkathazo esikuyo, ukuthi iJerusalema liyincithakalo, namasango alo ashisiwe na? Wozani, masakhe kabusha ugange ukuze singaphinde sibe yihlazo.” Ngabatshela ukuthi isandla esihle sikaNkulunkulu wami sibe nami kanjani, nangamazwi inkosi eyayiwakhulume kimi. Bathi: “Masisukume sakhe.” Base bewuqala ngentshisekelo umsebenzi.