UNehemiya 13

13
Ukufundwa Kwencwadi Yomthetho Nokuxoshwa Kwabanokhokho Abaxubileyo
1 Ngalolo lusuku abantu bafundelwa incwadi yomthetho kaMose, kwafika endaweni lapho okwakubhalwe khona ukuthi akukho muntu wakwa-Amoni noma wakwaMowabi okufanele avunyelwe nanini ukuba yingxenye yebandla labantu bakaNkulunkulu, 2 ngoba labo bantu benqaba ukunika abakwa-Israyeli ukudla namanzi, kunalokho baqasha uBhalamu ukuba abaqalekise, kodwa uNkulunkulu wethu waguqula isiqalekiso saba yisibusiso. 3 Kwathi abantu sebekuzwile okushiwo ngumthetho, babaxosha bonke abantu ababenokhokho abaxubileyo, bashiya abakwa-Israyeli boqobo.
UNehemiya Ulungisa Okubi Okwakwenziwa Ethempelini
4 Ngaphambi kwalokho, u-Eliyashibhi, umphristi owayengamele amagumbi endlu kaNkulunkulu wethu, eyisihlobo sikaThobiya, 5 walungisela uThobiya igumbi elikhulu lapho kwakubekwa khona umnikelo wokusanhlamvu, impepho, izitsha, okweshumi kokusanhlamvu, iwayini, amafutha, okwakunikwe ngokomthetho abaLevi, abaculi, abalindisango neminikelo yabaphristi. 6 Ngaleso sikhathi ngangingekho eJerusalema, ngokuba ngonyaka wama-32 wokubusa kuka-Arithahishashitha, ngabuyela kuye ngayombikela ngokwakwenzekile. Emuva kwesikhathi ngacela imvume enkosini, 7ngase ngiphindela eJerusalema. Ngafika ngabona into embi eyenziwa ngu-Eliyashibhi, elungisela uThobiya igumbi emagcekeni endlu kaNkulunkulu. 8Ngathukuthela kakhulu, ngazijikijela phandle izimpahla zikaThobiya ezazisendlini. 9 Ngase ngiyala abaphristi ukuba bahlanze lezo zindlu, babuyisele izitsha zasendlini, neminikelo yokusanhlamvu nempepho.
10 Ngabuye ngezwa nokuthi abanye abaLevi nabaculi ababesebenza ethempelini sebehambile bayosebenza emasimini abo, ngoba abantu base beyekile ukuba babanike isabelo sabo. 11 Ngabathethisa abaholi, ngathi kubo: “Yini eyenze ukuba nilahle indlu kaNkulunkulu na?”
Ngawaqoqa lawo madoda, ngawabuyisela emsebenzini wawo ayewenza endlini kaNkulunkulu. 12 Bonke abantu bakwaJuda base beqala futhi ukunikela okweshumi kokusanhlamvu, iwayini elisha namafutha amasha, kwafakwa ezinqolobaneni. 13Ngaqoka amanye amadoda ukuba abe ngabagcinimafa bezinqolobane: uShelemiya umphristi, uZadoki ungoti kwezomthetho noPhedaya umLevi. UHanani, indodana kaZakhuri indodana kaMathaniya, wayezoba ngumsizi wabo. Lawo madoda ngangiwethemba ukuthi ayezoba qotho lapho esehlukaniselana nabanye ayesebenza nabo.
14 Nkulunkulu wami, ngikhumbule kulokhu, ungakhohlwa ukwethembeka engikwenzile, ngikwenzela indlu yakho nomsebenzi owenziwa kuyo.
UNehemiya Ushaya Umthetho Wokugcina Isabatha
15 Ngalezo zinsuku ngabona abantu kwaJuda bekhama amagilebhisi ngeSabatha. Abanye babethwese izimbongolo zabo okusanhlamvu, iwayini, amagilebhisi, amakhiwane nezinye izinto, bekuyisa eJerusalema; ngabexwayisa ukuthi bangathengisi lutho ngeSabatha. 16Kwakukhona futhi idlanzana labantu baseThire, ababehlala eJerusalema, bethengisa izinhlanzi nokunye, bekuthengisela abantu bakwaJuda emzini ngeSabatha. 17Ngabathethisa abaholi bakwaJuda, ngathi kubo: “Nibenzelani lobu bubi bokungcolisa iSabatha na? 18 Akuyibo yini lobu bubi noyihlo ababenza, obalethela thina nalo muzi inhlekelele na? Manje nani niyaqhubeka nigovuza ulaka lukaNkulunkulu ukuba amelane no-Israyeli ngokuthi ningcolise iSabatha na?”
19 Manje sengishaya umthetho wokuthi amasango eJerusalema ahluthulelwe ngaphambi kokuqala kweSabatha, aze avulwe lapho sekwedlule iSabatha. Ngizobeka ezinye zezinceku zami emasangweni ukuze zibheke ukuthi akukho lutho olungeniswa emzini ngeSabatha. 20Abahwebi nabathengisi nayo yonke impahla yabo babehlala ngaphandle kweJerusalema ebusuku, kanye noma kabili, 21kodwa ngabenqabela, ngathi: “Yini eyenza nibe seceleni kogange ebusuku na? Uma niphinda nikwenza lokho ngizonibopha.”
Kusukela ngalolo suku abaphindanga balala lapho ngasogangeni ebusuku. 22 Ngayala abaLevi ukuba bazingcwelise, kube yibo abaqapha emasangweni ebusuku ukuze kugcinwe usuku lweSabatha lungcwele.
Ungikhumbule Nkulunkulu wami, ube nomusa kimi ngokuba mkhulu umusa wakho.
UNehemiya Ubona Okungalungile
23 Ngalezo zinsuku, ngabona abanye abaJuda abasebeganwe ngabesifazane base-Ashidodi, kwa-Amoni nakwaMowabi. 24Ingxenye yezingane zabo yayikhuluma ulimi lwase-Ashidodi kuphela, ingaluzwa ulimi lwakubo. 25 Ngawathethisa lawo madoda, ngawaqalekisa, amanye ngawashaya, ngawahluthula izinwele, ngathi awenze isifungo kuNkulunkulu: “Aniyukuwaganisela amadodana abo ngamadodakazi enu, futhi aniyukuwathathela amadodana enu, noma nizithathele nina abafazi emadodakazini abo. 26 USolomoni, inkosi yakwa-Israyeli, akonanga yini ngenxa yabesifazane na? Phakathi kwezizwe eziningi, ayikho inkosi eyayifana naye. Nanxa uNkulunkulu ayemthanda waze wambeka inkosi ka-Israyeli, wadukiswa ngamakhosikazi akhe abezizwe. 27 Nani senenza isono esifanayo; nihlubuka uNkulunkulu ngokuganwa ngabafazi babezizwe na?”
28 UJehoyada, indodana ka-Eliyashibhi, umphristi omkhulu, wavumela indodana yakhe ukuba iganwe yindodakazi kaSanibhalathi waseBhethi Horoni, ngakho-ke ngamxosha.
29 Nkulunkulu wami, ungawakhohlwa lawo madoda ukuthi abungcolise kanjani ubuphristi nesivumelwano sabaphristi nabaLevi.
30 Abaphristi nabaLevi ngabahlambulula kukho konke ukungcola kwabezizwe. Ngamisa futhi imisebenzi eyehlukene yabaphristi nabaLevi, yilowo nalowo enomsebenzi wakhe. 31 Ngabuye ngahlela ukulethwa kwezinkuni ngezikhathi ezimisiweyo, nokwethulwa kwesivuno sokuqala. Nkulunkulu wami, ngikhumbule ngokuhle engikwenzileyo.

Okuqokiwe okwamanje:

UNehemiya 13: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume