UNehemiya 10:28-39

UNehemiya 10:28-39 ZUL20

Abanye abangagagulwanga ngamagama, abaphristi, abaLevi, abalindisango, abaculi, izisebenzi zasethempelini, nabo bonke ababezehlukanisile nabezizwe, bazihlanganisa nomthetho kaNkulunkulu, nomkabo nabantwana babo, bonke ababenolwazi nokuqonda, bahlanganyela nabafowabo nezikhulu zabo, benza isifungo esimbaxambili, sokuthi bazohamba ngomthetho kaNkulunkulu awunika uMose, inceku yakhe, nokuthi bazoyigcina yonke imiyalelo kaSimakade iNkosi yabo, nayo yonke imithetho nezimiso zakhe; uma besephula leso sifungo, siyophenduka isiqalekiso. “Asiyukubaganisela abezizwe amadodakazi ethu, futhi ngeke siwathathele amadodana ethu abafazi kubo. Uma abezizwe besilethela okuthengisayo noma yini okusanhlamvu ngesabatha, asiyukukuthenga ngesabatha noma ngaluphi usuku olungcwele, futhi asiyukuvuna ngonyaka wesikhombisa; sesule zonke izikweletu ngalowo nyaka. “Siyazibophezela ukuthi njalo ngonyaka, siyonikela ingxenye yesithathu yeshekeli, ibe ngeyomsebenzi wendlu kaNkulunkulu wethu, eyosetshenziselwa ukubhaka isinkwa esibekwa ethempelini, neminikelo yansuku zonke yokusanhlamvu neyokushiswa, neminikelo yangeSabatha, nemikhosi yokwethwasa kwenyanga, neminye imikhosi emisiweyo, neminikelo yesono eyenzelwa inhlawulo yezono zika-Israyeli, nawo wonke umsebenzi wasendlini kaNkulunkulu wethu. “Thina baphristi, abaLevi, nabantu bonke, senze unkatho lokuthi minyaka yonke silethe umnikelo wezinkuni endlini kaNkulunkulu wethu, ngokwezindlu zokhokho, ngezikhathi ezinqunyiweyo, ukuze zibaswe phezu kwe-althare likaSimakade uNkulunkulu wethu, njengokulotshwe emthethweni. Unyaka nonyaka, sizibophezela ukwethula izithelo zokuqala zesivuno somhlabathi wethu nesemithi yonke enhlobonhlobo endlini kaSimakade. Siyoletha kubaphristi abakhonza endlini kaNkulunkulu wethu, amazibulo amadodana ethu, awemfuyo yethu, njengoba kulotshiwe emthethweni, amazibulo emihlambi yethu, nawezimvu zethu. Siyoletha futhi kumphristi emagunjini endlu kaNkulunkulu wethu, inhlama eyenziwe ngokusanhlamvu kwesivuno sokuqala, nezithelo zayo yonke imithi, iwayini elisha namafutha amasha. Siyoletha futhi kubaLevi okweshumi komhlabathi wethu, ngokuba ngabaLevi abaqoqa okweshumi emizini yonke. Abaphristi bozalo luka-Aroni kumele bahambe nabaLevi ngesikhathi beqoqa okweshumi, abaLevi bathathe okweshumi kulokho okweshumi okulethiwe, bakuyise endlini kaNkulunkulu, emagunjini endlu yengcebo. Abakwa-Israyeli nabaLevi bayoletha okweshumi kokusanhlamvu, okwewayini namafutha omnqumo emagunjini lapho kugcinwe khona izitsha zendlu engcwele, nalapho kuhlala khona abaphristi, abalindisango nabaculi. Asiyukuyishiya indlu kaNkulunkulu wethu.”