NgokukaMakhu 8:34-37

NgokukaMakhu 8:34-37 ZUL20

UJesu wayesebiza isixuku nabafundi bakhe, wathi kubo: “Uma umuntu ethanda ukungilandela, makazidele, athathe isiphambano sakhe, angilandele. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho, kodwa olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami nangenxa yevangeli, uyakukusindisa. Ngokuba kuyakumsiza ngani umuntu ukuzuza izwe lonke, alahlekelwe ngukuphila kwakhe na? Yini umuntu anganikela ngayo ukuze ibe yisihlengo sokuphila kwakhe na?