Bafika eBhethsayida, baletha kuye impumputhe, bamncenga ukuba ayithinte. UJesu wayibamba ngesandla impumputhe wayiholela ngaphandle komuzi, waphimisela amathe emehlweni ayo, wabeka izandla zakhe phezu kwayo, wayibuza, wathi: “Kukhona yini okubonayo na?” Yabheka, yathi: “Ngibona abantu, ngibabona behamba; kungathi yizihlahla.” Waphinda futhi wabeka izandla zakhe emehlweni ayo, yavula amehlo, yasinda, yabonisisa konke ngokucacileyo. Wayiphindisela ekhaya, wathi kuyo: “Ungangeni emzini wabantu.”
Funda NgokukaMakhu 8
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMakhu 8:22-26
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo