NgokukaMakhu 4:37-41

NgokukaMakhu 4:37-41 ZUL20

Kusenjalo kwavuka isivunguvungu esikhulu, amagagasi ayesizamazamisa kakhulu isikebhe futhi sesiqala ukugcwala amanzi. UJesu wayesemuva esikebheni elele esicamelweni, bamvusa, bathi kuye: “Mfundisi, wabhudla ubuthongo, sibhubha na?” Wayesevuka, wawukhuza umoya, wathi kulo ulwandle: “Thula, uthi du.” Umoya wawusuthula, kwaba nokuthula okukhulu. Wayesethi kubo: “Yini nibe ngamagwala na? Anikabi nakukholwa namanje na?” Base beba nokwesaba okukhulu, bakhuluma bodwa, bathi omunye komunye: “Kanti ungubani lo, lokhu ngisho umoya nolwandle kuyamlalela na?”

Ividiyo ye- NgokukaMakhu 4:37-41