Wabuye wathi: “Ngabe umbuso kaNkulunkulu siyakuwufanisa nani na? Mzekeliso muni esingawuchaza ngawo na? Singawufanisa nenhlamvu yesinaphu, ethi incane kunazo zonke izimbewu ezisemhlabeni, kodwa kuthi lapho isihlwanyelwe, ikhule ibe nkulu kunakho konke okumilayo, ibe namagatsha amakhulu; izinyoni zezulu zakhe izidleke emthunzini wayo.” UJesu walisho izwi kubo ngemizekeliso eminingi enjalo, ngangokwamandla abo okuzwa. Akazange akhulume lutho kubo ngaphandle kwemizekeliso. Kepha sebebodwa ngasese, wayesebachasisela konke abafundi bakhe.
Funda NgokukaMakhu 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMakhu 4:30-34
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo