NgokukaMakhu 3:1-5

NgokukaMakhu 3:1-5 ZUL20

UJesu wabuye wangena esinagogeni. Kwakukhona lapho umuntu owayenesandla esishwabeneyo. Babembheke ngeso lokhozi ukuthi ngabe uzomphilisa yini lowo muntu ngesabatha, ukuze bamthwese icala. UJesu wathi kumuntu onesandla esishwabeneyo: “Sukuma, ume phakathi nendawo.” Wayesethi kubo: “Kuvunyelwe yini ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi na? Ukusindisa noma ukubulala na?” Kepha bathula du. UJesu waqalaza nxazonke ebabuka, ethukuthele, edabukile kakhulu ngenxa yobulukhuni bezinhliziyo zabo. Wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.