Besendleleni bekhuphukela eJerusalema, uJesu ehamba phambi kwabo, ababemlandela babemangele, benokwesaba. Waphinda futhi wathatha abali-12, wayeseqala ukubatshela ngokwakuzomehlela, ethi: “Manje sikhuphukela eJerusalema; iNdodana yomuntu izakukhashelwa kubaphristi abakhulu nezazimthetho. Bazakuyigweba ukuba ife, bayikhaphele kwabezizwe, bayiklolodele, bayikhafulele ngamathe, bayishaye, bayibulale, kepha emva kwezinsuku ezintathu izakuvuka.”
Kwase kusondela kuye uJakobe noJohane, amadodana kaZebedewu, bathi kuye: “Mfundisi, siyathanda ukuba usenzele lokhu esizakukucela kuwe.”
Wathi kubo: “Nifuna ukuba nginenzeleni na?”
Bathi kuye: “Siphe ukuba sihlale, omunye ngakwesokunene sakho, omunye ngakwesokhohlo sakho, enkazimulweni yakho.”
Kepha uJesu wathi kubo: “Anikwazi enikucelayo. Ningasiphuza yini isitsha engisiphuzayo, nibhabhadiswe ngombhabhadiso engibhabhadiswa ngawo na?”
Bathi kuye: “Singakwenza.”
UJesu wathi kubo: “Yebo, isitsha engisiphuzayo niyakusiphuza, nibhabhadiswe ngombhabhadiso engibhabhadiswa ngawo. Kepha ukuhlala ngakwesokunene sami nangakwesokhohlo sami, akusikho okwami ukuba ngiphane ngakho, kodwa kungokwalabo abakulungiselelweyo.”
Kwathi ukuba abalishumi bakuzwe lokho, base bebathukuthelela oJakobe noJohane. UJesu wayesebabiza, wathi kubo: “Niyazi ukuthi abangababusi bezizwe babusa ngesandla esiqinile, nezikhulu zazo zibaphatha ngonya. Kepha akunjalo phakathi kwenu, kodwa yilowo nalowo ofuna ukuba mkhulu phakathi kwenu, makabe yisikhonzi senu, nalowo ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu, makabe yinceku yabo bonke. Ngokuba nayo iNdodana yomuntu ayizelanga ukukhonzwa, kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”
Bafika eJerikho. Ngesikhathi uJesu ephuma eJerikho nabafundi bakhe nesixuku esikhulu, uBharthimewu owayeyimpumputhe eyisinqibi, eyindodana kaThimewu, wayehleli ngasendleleni. Kwathi ukuba ezwe ukuthi nguJesu waseNazaretha owayedlula, waqala ukumemeza ethi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
Abaningi bamkhuza, bathi makathule, kepha kwaba sengathi bayambhebhezela, wamemeza kakhulu ethi: “Ndodana kaDavide, ngihawukele!”
UJesu wayesema, wathi: “Mbizeni.”
Bayibiza impumputhe, bathi kuyo: “Yima isibindi, usukume, uyakubiza.”
Yayisilahla ingubo yayo, yagxuma, yaya kuJesu. UJesu wathi kuyo: “Ufuna ukuba ngikwenzeleni na?”
Impumputhe yathi kuye: “Rabuni, ukuba ngibone.”
UJesu wathi kuyo: “Hamba, ukukholwa kwakho kukusindisile.”
Yabona khona lapho, yayisimlandela endleleni.