NgokukaMakhu 1:29-34

NgokukaMakhu 1:29-34 ZUL20

Sebephumile esinagogeni, baya masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane. Umkhwekazi kaSimoni wayelele, ephethwe ngumkhuhlane; baphangisa bambikela uJesu ngaye. Esesondele kuye, wambamba ngesandla, wamsukumisa; umkhuhlane waphela; wabakhonza. Kwathi ngokuhlwa, ilanga selizilahle kunina, baletha kuye bonke abagulayo nabanamadimoni. Wonke umuzi wabuthana ngasemnyango waleyo ndlu. Waphilisa abaningi ababephethwe yizifo ezinhlobonhlobo, wakhipha amadimoni amaningi; akawavumelanga amadimoni ukuba akhulume, ngokuba ayemazi.

Video for NgokukaMakhu 1:29-34

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMakhu 1:29-34