NgokukaMathewu 5:43-47

NgokukaMathewu 5:43-47 ZUL20

“Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Kepha Mina ngithi kini: thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo ukuze nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini. Ngokuba Yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula yakhe phezu kwabalungileyo nabangalungile. Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi yini kanjalo nabathelisi na? Nalapho nibingelela abafowenu kuphela, yini ebalulekile eniyenzayo ngalokho na? Kanti abenzi yini kanjalo nabezizwe na?

Video for NgokukaMathewu 5:43-47