“Ningasho ukuthi ngizochitha umthetho nabaphrofethi. Angizelanga ukuzochitha, kodwa ngize ukuzogcwalisa. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: kuyokwedlula izulu nomhlaba, kodwa akusoze kwadlula nalinye igama, nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.
“Ngakho-ke oweqa owodwa kule miyalelo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu. Ngokuba ngithi kini: uma ukulunga kwenu kungadluli okwezazimthetho nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.
“Nizwile, kwathiwa kwabasemandulo: ‘Ungabulali; yilowo nalowo obulalayo uyakuba necala ehlulelwe.’ Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo othukuthelela umfowabo, uyakuba necala ayokwehlulelwa ngalo. Nalowo othi kumfowabo: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini, nalowo othi: ‘Siwula,’ kumfowabo uyakuba necala, aphonswe esihogweni somlilo.
“Ngakho-ke nxa uletha umnikelo wakho e-althare, bese ukhumbula lapho ukuthi umfowenu ukubambele igqubu, wushiye lapho phambi kwe-althare umnikelo wakho, uhambe ubuyisane nomfowenu kuqala, andukuba uzonikela umnikelo wakho.
“Shesha uzwane nolwa nawe nisesendleleni, funa olwa nawe akunikele kumehluleli, umehluleli akunikele esikhonzini, uphonswe ejele. Ngiqinisile ngithi kuwe: kawusoze waphuma khona, uze ukhiphe ifadingi lokugcina.
“Nizwile, kwathiwa: ‘Ungaphingi.’ Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo obuka owesifazane, amkhanuke, usephingile naye enhliziyweni yakhe. Uma iso lakho lesokunene likukhubekisa, likhiphe, ulilahle, ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho, kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni. Noma lapho isandla sakho sokunene sikukhubekisa, sinqume, usilahle, ngokuba kungcono kuwe ukuba kubhubhe sibe sinye ezithweni zakho, kunokuba wonke umzimba wakho uphonswe esihogweni.
“Kwathiwa: ‘Yilowo nalowo olahla umkakhe makamnike incwadi yesehlukaniso.’ Kepha Mina ngithi kini: yilowo nalowo olahla umkakhe kungengenxa yokuphinga, umenza aphinge, noganwa ngolahliweyo, uyaphinga.
“Nizwile futhi, kwathiwa kwabasendulo: ‘Ungafungi amanga, kepha uqinise izifungo zakho eNkosini.’ Kepha Mina ngithi kini: ningafungi nakanye, noma izulu, ngokuba liyisihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu, noma umhlaba, ngokuba uyisenabelo sezinyawo zakhe, noma iJerusalema, ngokuba lingumuzi weNkosi enkulu. Ungafungi nekhanda lakho, ngokuba awunakuphendula nalunye unwele lube mhlophe noma lube mnyama. Kepha izwi lenu malibe ngukuthi: yebo, yebo, noma qhabo, qhabo. Okudlula lapha kuvela komubi.
“Nizwile kwathiwa: ‘Iso ngeso, izinyo ngezinyo.’