NgokukaMathewu 4:23-25

NgokukaMathewu 4:23-25 ZUL20

Walihamba lonke iGalile efundisa emasinagogeni abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephilisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke. Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke iSiriya. Baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlungu, ababehlukunyezwa futhi bekhwelwe ngamadimoni, abanesithuthwane, nababefe uhlangothi, wabaphulukisa. Izixuku eziningi zamlandela kusukela eGalile, eDekapholi, eJerusalema, eJudiya nangaphesheya kweJordani.

Video for NgokukaMathewu 4:23-25

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 4:23-25