Kwathi seledlulile isabatha, ekuseni kusempondozankomo, ngosuku lokuqala lweviki, kwafika uMariya Magdalena nomunye uMariya, ukuzobona iliba.
Kwaba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, ngokuba ingelosi yeNkosi yehla ezulwini, yeza, yaligingqa itshe, yahlala phezu kwalo. Yayibukeka injengonyazi, isembatho sayo simhlophe njengongqoqwane. Ababelinde iliba bathuthumela ngenxa yokuyesaba, baba njengabafileyo.
Ingelosi yaphendula yathi kwabesifazane: “Ningesabi, ngokuba ngiyazi ukuthi nifuna uJesu obebethelwe esiphambanweni. Akekho lapha, ngokuba uvukile njengokusho kwakhe. Wozani nibone indawo lapho ebelele khona. Phuthumani, nitshele abafundi bakhe ukuthi uvukile kwabafileyo. Useyanandulela ukuya eGalile, nizakumbona khona. Niyabona-ke, senginitshelile.”
Bashesha basuka ethuneni benokwesaba nokuthokoza okukhulu, bagijima bayobikela abafundi bakhe. UJesu wahlangana nabo, wathi: “Sanibona.”
Basondela babamba izinyawo zakhe, bakhuleka kuye. UJesu wayesethi kubo: “Ningesabi; hambani, nibikele abafowethu ukuba bahambe baye eGalile; bayakungibona lapho.”
Besahamba, abanye kubalindi bafika emzini, babikela abaphristi abakhulu konke okwakwenzekile. Sebebuthene abaphristi abakhulu namalunga, bakha icebo, base benika amabutho imali eningi, bathi: “Anibothi abafundi bakhe bafikile ebusuku, bameba silele. Uma lolu daba luzwakala kumbusi, thina siyakumchazela, nina ningahlushwa lutho.”
Abalindi bayithatha imali, benza njengalokhu beyaliwe. Lolo daba lwasabalala kubaJuda kuze kube namuhla.