Esefike endaweni okuthiwa yiGolgotha, okusho iNdawo Yekhanda, amphuzisa iwayini elixutshwe nenyongo, kodwa eselinambithile, akathandanga ukuliphuza. Amabutho esembethele esiphambanweni, abelana ngezingubo zakhe, enza unkatho, ayesehlala lapho, amqapha. Abeka ngaphezu kwekhanda lakhe icala ayethweswe lona, kubhalwe kwathiwa: LO NGUJESU, INKOSI YABAJUDA. Kwakubethelwe kanye naye abaphangi ababili; omunye engakwesokunene, omunye engakwesokhohlo. Ababedlula bamhlambalaza, benikina amakhanda abo, bethi: “Wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu, zisindise; uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yehla esiphambanweni.”
Kanjalo nabaphristi abakhulu nezazimthetho namalunga nabo bambhinqa, bathi: “Wasindisa abanye, kodwa akakwazi ukuzisindisa Yena. Uyinkosi yakwa-Israyeli, akehle manje esiphambanweni; sizakukholwa nguye. Wethembele kuNkulunkulu; makamkhulule manje, uma emthanda, ngokuba wathi: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu.’ ”
Ngisho nabaphangi ababebethelwe esiphambanweni kanye naye, bamhlaza kanjalo.
Kusukela ngehora lesithupha, kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. Kepha ngehora lesishiyagalolunye, uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eli, Eli, lama sabakthani?” okungukuthi: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”
Abanye kwababemi lapho bekuzwa lokho, bathi: “Lo ubiza u-Eliya.”
Omunye wabo wagijima, wathatha isiponji, wasicwilisa kuviniga, wayesesihloma emhlangeni, wamphuzisa. Kepha abanye bathi: “Myeke, sibone ukuthi u-Eliya uzakuza yini amsindise.”
UJesu wabuye wamemeza ngezwi elikhulu, wafa.
Isihenqo sethempeli sadabuka kabili; kusukela phezulu kuze kufike phansi. Umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka, kwavuleka amathuna, izidumbu eziningi zabangcwele ababelele, zavuswa; baphuma emathuneni emva kokuvuka kwakhe, bangena emzini ongcwele, babonakala kwabaningi.
Induna yekhulu nalabo ababenayo beqaphe uJesu, bebona umhlaba uzamazama nalokho okwenzekileyo, besaba kakhulu, bathi: “Impela lo ubeyiNdodana kaNkulunkulu.”
Kwakukhona lapho abesifazane abaningi, ababemi buqamama, bebukela: babekadebemlandela uJesu, bevela eGalile, bemkhonza. Phakathi kwabo kwakukhona uMariya Magdalena, uMariya unina kaJakobe, uJose, nonina wamadodana kaZebedewu.