UJesu wafika nabo endaweni okuthiwa yiGetsemane, wathi kubafundi bakhe: “Hlalani lapha, ngisayokhuleka laphaya.” Wathatha uPhethro namadodana amabili kaZebedewu, waqala ukuba nomunyu nosizi. Khona wathi kubo: “Umphefumulo wami ulusizi kakhulu, kuze kube sekufeni; hlalani lapha, nilinde kanye nami.” Waqhubeka ibangana, wawa ngobuso, wakhuleka wathi: “Baba, uma kungenzeka, mayedlule kimi le ndebe, kodwa kungabi njengokuthanda kwami, kube njengokuba uthanda wena.” Wabuyela kubafundi, wabafica belele, wathi kuPhethro: “Kodwa beningehlale nilinde nami ihora libe linye na? Lindani, nikhuleke ukuze ningangeni ekulingweni; umoya uyavuma, kodwa umzimba ubuthakathaka.” Wabuye wahamba okwesibili, wakhuleka wathi: “Baba, uma le ndebe ingenakudlula kimi ngingakayiphuzi, mayenziwe intando yakho.” Wabuyela kubo futhi, wabafumana belele, ngokuba amehlo abo ayegcwele ubuthongo. Wabuye wabashiya, wayokhuleka ngokwesithathu elokhu esho lona lelo lizwi. Wayesephindela kubafundi, wathi kubo: “Namanje nisalele, niphumule. Phela ihora selisondele; iNdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zezoni. Sukumani sihambe; niyabona-ke, ongikhaphelayo useseduze.”
Funda NgokukaMathewu 26
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 26:36-46
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo