NgokukaMathewu 21:12-16

NgokukaMathewu 21:12-16 ZUL20

UJesu wangena ethempelini, waxosha bonke abathengisayo nabathengayo ethempelini, wagumbukuqela amatafula abashintshisa ngemali, nezihlalo zabathengisa ngamajuba. Wathi kubo: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Indlu yami iyakubizwa ngokuthi indlu yokukhuleka,’ kepha nina niyenza umhume wabaphangi.” Kwase kufika kuye izimpumputhe, nezinyonga esesethempelini, waziphulukisa. Kepha abaphristi abakhulu nezazimthetho, sebezibonile izimangaliso ayezenza, nabantwana bememeza ethempelini, bethi: “Hosana kuyo iNdodana kaDavide,” bacasuka, bathi kuye: “Uyakuzwa yini lokhu abakushoyo laba na?” UJesu wathi kubo: “Yebo, anifundanga yini ukuthi: ‘Emlonyeni wezingane nowabancelayo, uzilungisele indumiso’ na?”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 21:12-16