NgokukaMathewu 21:1-8

NgokukaMathewu 21:1-8 ZUL20

Kwathi sebesondele eJerusalema, sebefike eBhethifage ngaseNtabeni Yeminqumo, uJesu wathuma abafundi ababili, wathi kubo: “Hambani niye emzaneni oqondene nani; nxa nifika nizakufumana imbongolo ikhulekiwe nethole linayo. Zithukululeni nizilethe kimi. Uma kukhona umuntu osho utho kini, niyakuthi: ‘INkosi iyazidinga;’ uyakuzibuyisa ngokushesha.” Lokhu kwenzeka ukuze kugcwaliseke okwashiwo ngomphrofethi ukuthi: “Yishoni kuyo indodakazi yaseZiyoni, nithi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe ithobekile, igibele embongolweni; yebo, etholeni, inkonyane yesilwane esiboshelwayo.” Abafundi bahamba, benza njengokuba uJesu ebatshelile. Bayiletha imbongolo nethole, base bebeka izingubo zabo phezu kwazo, uJesu wayesehlala phezu kwezingubo. Isixuku esikhulu sendlala izingubo zaso endleleni, abanye bagawula amagatsha emithi, bawendlala endleleni.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMathewu 21:1-8