Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe: “Ngiqinisile ngithi kini: kulukhuni konothileyo ukungena embusweni wezulu. Futhi ngithi kini: kulula ukuba ikameli lingene ngembobo yosungulo kunokuba isicebi singene embusweni kaNkulunkulu.” Sebekuzwile lokhu abafundi, bamangala kakhulu, bathi: “Pho ngubani-ke ongasindiswa na?” Kepha uJesu wababheka, wathi kubo: “Kubantu lokhu akunakwenzeka, kodwa kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.” UPhethro wayesethi kuye: “Thina sishiye konke, sakulandela. Pho uyini umvuzo wethu na?” UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini: nina eningilandelayo, ezweni elisha, lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi ezili-12, nehlulele izizwe ezili-12 zakwa-Israyeli. Yilowo nalowo oshiye izindlu, noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina, noma abantwana, noma amazwe ngenxa yegama lami, uyakwemukeliswa okuphindwe kayikhulu, adle ifa lokuphila okuphakade. Kepha abaningi abangabokuqala bayakuba ngabokugcina, nabangabokugcina bayakuba ngabokuqala.”
Funda NgokukaMathewu 19
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaMathewu 19:23-30
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo