NgokukaMathewu 17:14-21

NgokukaMathewu 17:14-21 ZUL20

Sebefikile esixukwini, kweza kuye umuntu, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, iyahlukumezeka kakhulu; kukaningi iwela emlilweni nasemanzini. Ngiyilethe kubafundi bakho, kodwa bahluleka ukuyiphulukisa.” UJesu waphendula wathi: “Maye, kinina, sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo; kuyoze kube nini nginani na? Kuyoze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.” UJesu wayeselikhuza idimoni, laphuma kuyo; umfana wasinda ngaleso sikhathi. Abafundi base beya kuJesu bebodwa, bathi: “Kungani thina singakwazanga ukulikhipha idimoni na?” Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: uma ninokukholwa okungangembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka, ngokuba akukho okuyakunahlula. Kepha lolu hlobo lwedimoni aluphumi ngaphandle kokukhuleka nokuzila ukudla.”