NgokukaMathewu 17:14-21

NgokukaMathewu 17:14-21 ZUL59

Sebefikile esixukwini, kweza kuye umuntu, waguqa ngamadolo phambi kwakhe, wathi: “Nkosi, hawukela indodana yami, ngokuba inesithuthwane, ihlupheka kabi, lokhu iwela kaningi emlilweni, kaningi emanzini. Ngiyilethe kubafundi bakho, kepha bahluleka ukuyiphulukisa.” UJesu waphendula wathi: “O! sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni lapha kimi.” UJesu wayeseyikhuza, idemoni laphuma kuyo; umfana waphulukiswa kusukela kuleso sikhathi. Khona kwafika abafundi kuJesu bebodwa, bathi: “Thina besingemkhiphe ngani na?” Wayesethi kubo: “Kungenxa yokukholwa kwenu okuncane. Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Uma ninokukholwa njengembewu yesinaphi, niyakuthi kule ntaba: ‘Suka lapha, uye laphaya,’ iyakusuka; akukho okuyakunahlula. Kepha lolo hlobo aluphumi ngaphandle kokuba kube ngokukhuleka nokuzila ukudla.”