NgokukaMathewu 14:22-27

NgokukaMathewu 14:22-27 ZUL20

Wabacindezela abafundi bakhe ukuba bangene esikebheni masinyane, bamendulele, baye ngaphesheya, ukuze ahlakaze izixuku. Esezihlakazile, wenyukela entabeni eyedwa eyokhuleka; kwasekuhlwile, futhi eyedwa lapho. Kepha isikebhe sasesiqhele ibanga ogwini, sishukunyiswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambana nabo. Kuthe ngomlindo wesine wobusuku uJesu weza kubo ehamba phezu kolwandle. Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa wuvalo, bethi ngumungcwi; bakhala ngokwesaba. UJesu wakhuluma nabo ngokushesha, wathi: “Yimani isibindi; yiMina, ningesabi.”