NgokukaLuka 7:36-50

NgokukaLuka 7:36-50 ZUL20

Omunye wabaFarisi wamema uJesu ukuba azokudla naye. UJesu wafika-ke endlini yomFarisi, wahlala naye esidlweni. Owesifazane wakulowo muzi, owayeyisoni, esezwile ukuthi uJesu usesidlweni endlini yomFarisi, waya khona ephethe umfuma wamafutha ngojeke we-alabhasta. Wema ngemuva kukaJesu, ngasezinyaweni zakhe, ekhala. Waqala ukumatisa izinyawo zikaJesu ngezinyembezi zakhe, wayesezesula ngezinwele zakhe, wazanga izinyawo ephindelela, wayesezigcoba ngamakha. Kepha lapho umFarisi owayemmemile ekubona lokhu, wadlinza wathi: “Lo muntu ukuba ubengumphrofethi, ngabe wazile ukuthi ngubani futhi uluhlobo luni lo wesifazane omthintayo, ngokuba uyisoni.” UJesu wamphendula, wathi kuye: “Simoni, kukhona engifuna ukukutshela khona.” Wathi: “Mfundisi, ngitshele.” “Umbolekisi othile wayenabantu ababili ababemkweleta. Omunye wayekweleta odenariyu abangama-500, omunye ekweleta odenariyu abangama-50. Lokhu babengenalutho lokumkhokhela, wabaxolela bobabili. Imuphi kulaba oyakumthanda kakhulu na?” USimoni waphendula wathi: “Ngicabanga ukuthi yilowo oxolelwe kokuningi.” UJesu wathi kuye: “Uyihlabe esikhonkosini.” Waphendukela kowesifazane, wathi kuSimoni: “Uyambona lo wesifazane na? Ngingene endlini yakho, awunginikanga amanzi okugeza izinyawo, kodwa lo wesifazane umantisile izinyawo zami ngezinyembezi zakhe, wazesula ngezinwele zakhe. Awunganganga, kepha lo wesifazane, yilokhu ngingenile, akazange ayeke ukwanga izinyawo zami. Awuligcobanga ikhanda lami ngamafutha, kepha lo wesifazane uzigcobile izinyawo zami ngamafutha. Ngenxa yalokho, ngithi kuwe: izono zakhe eziningi zithethelelwe, ngokuba uveze uthando olukhulu. Kepha lowo othethelelwe okuncane, uthanda kancane.” Wayesethi kowesifazane: “Izono zakho zithethelelwe.” Ababehleli naye esidlweni baqala ukukhuluma bodwa, bethi: “Ngubani kanti lo, othethelela nezono na?” Kepha wathi kowesifazane: “Ukukholwa kwakho kukusindisile. Hamba, ngokuthula.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 7:36-50