uJohane waphendula wathi kubo bonke: “Mina nginibhabhadisa ngamanzi, kodwa uyeza onamandla kunami engingafanele ngisho ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe, Yena-ke uzakunibhabhadisa ngoMoya oNgcwele nangomlilo. Lo oqoma lakhe lokwela lisesandleni sakhe, ukushanelisisa isibuya sakhe, abuthe ukolo awufake enqolobaneni yakhe; amakhoba awashise ngomlilo ongacimekiyo.” UJohane washumayela ivangeli kubantu, ebayala nangokunye okuningi. Kepha uHerode, uMthethrakhi, wasolwa nguJohane ngenxa kaHerodiya, umkafowabo, nangenxa yakho konke okubi ayekwenzile uHerode, waze wenezela nangalokhu ebubini bakhe, wavalela uJohane etilongweni. Lapho bonke abantu sebebhabhadisiwe, noJesu esebhabhadisiwe, ekhuleka, izulu lavuleka, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwakhe, enesimo somzimba wejuba; kwezwakala izwi livela ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”
Funda NgokukaLuka 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 3:16-22
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo