NgokukaLuka 3:16-22

NgokukaLuka 3:16-22 ZUL59

uJohane waphendula, wathi kubo bonke: “Mina kambe nginibhapathiza ngamanzi, kepha uyeza onamandla kunami engingafanele ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo; oqoma lakhe lokwela lisesandleni sakhe ukushanelisisa isibuya sakhe nokubuthela ukolweni enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.” Nangokunye okuningi washumayela ivangeli kubantu, ebayala. Kepha uHerode umtetrarki,* esolwa nguye ngenxa kaHerodiya umkamfowabo nangenxa yakho konke okubi abekwenzile uHerode, wenezela nalokhu kokunye konke, wamvalela uJohane etilongweni. Kwathi bebhapathiziwe abantu bonke, naye uJesu esebhapathiziwe, ekhuleka, izulu lavuleka, uMoya oNgcwele enesimo somzimba njengejuba wehlela phezu kwakhe; kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 3:16-22

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo