NgokukaLuka 22:41-44

NgokukaLuka 22:41-44 ZUL20

Wayesesuka kubo ibanga elingangokuphonsa itshe, waguqa phansi, wakhuleka, wathi: “Baba, uma uthanda yisuse kimi le ndebe, nokho kungabi ngokwentando yami, kube njengokuba kuthanda wena.” Kwabonakala kuye ingelosi ivela ezulwini, imqinisa. Esosizini olunzima, wakhuleka eqinisela, izithukuthuku zakhe zaze zaba njengamathonsi egazi econsela emhlabathini.