“Simoni, Simoni, lalela la; uSathane unicelile ukuba anihlunge njengokolweni. Kepha Mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli. Wena-ke, uma usuphendukile, uqinise abafowenu.” Kepha wathi kuye: “Nkosi, ngikulungele ukuya nawe ejele nasekufeni.” UJesu wayesethi: “Ngiyakutshela, Phethro, ukuthi iqhude aliyukukhala namhlanje, ungakangiphiki kathathu ukuthi awungazi.” Wayesethi kubo: “Mhla nginithuma ningenasikhwama semali, nasikhwama sokwethekela, nazicathulo, ngabe kukhona yini enakweswelayo na?” Bathi: “Qha.” Wayesethi kubo: “Kepha manje onesikhwama semali makasithathe, kanjalo nonesokwethekela; ongenankemba makathengise ngengubo yakhe, ayithenge inkemba. Ngokuba ngithi kini: kufanele ukuba kugcwaliseke lokho okulotshiweyo ngami, ukuthi: ‘Wabalwa kanye nezelelesi;’ ngokuba lokho okulotshiwe ngami, sekuyafezeka.” Base bethi: “Nkosi, bheka, nazi izinkemba ezimbili.” Wathi kubo: “Kwanele.”
Funda NgokukaLuka 22
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 22:31-38
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo