Sebehambile, bafumana kunjengoba ayeshilo kubo, base belungisela iPhasika. Kwathi ukuba kufike isikhathi, wahlala phansi esidlweni, nabaphostoli benaye. Wayesethi kubo: “Bengilangazelela nokulangazelela okukhulu ukuba ngidle leli Phasika nani ngingakahlupheki. Ngokuba ngithi kini: angisayukulidla futhi, kuze kufezeke inhloso yalo embusweni kaNkulunkulu.” Wathabatha indebe, wabonga wathi: “Thabathani lokhu, nabelane; ngokuba ngithi kini, kusukela manje angisayukuphuza kulesi sithelo somvini, kuze kufike umbuso.” Wayesethabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika sona, ethi: “Lokhu kungumzimba wami onikelelwe nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.” Kanjalo-ke wathabatha nendebe sebedlile, wathi: “Le ndebe iyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina. Kepha isandla songikhaphelayo sinami lapha etafuleni. Ngokuba iNdodana yomuntu izakufa njengokumisiweyo, kepha maye, kulowo muntu ekhashelwa ngaye!” Base beqala ukubuzana bodwa ukuthi ngabe ngubani kubo ozakukwenza lokho. Kwaqubuka nempikiswano yokuthi ngubani phakathi kwabo okungathiwa mkhulu. UJesu wayesethi kubo: “Ababusi bezizwe bazithwalisa kanzima izizwe, nalabo abayiziphathimandla babizwa ngokuthi ngabenzi bokuhle. Kepha akunjalo kinina; kodwa omkhulu kini, makabe njengomncinyane; nongumholi, abe njengesisebenzi. Ngokuba ngubani omkhulu, ngabe ngohleli elindele ukunikwa ukudla noma yisisebenzi esiphakayo na? Akusiye yini ohlezi esidlweni na? Kepha Mina ngiphakathi kwenu njengesisebenzi. Nina-ke benilokhu ninami ekulingweni kwami.
Funda NgokukaLuka 22
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 22:13-28
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo