Bamqaphela, base bethumela izinhloli ezazizenza abalungileyo ukuba zimhile ngakushoyo, ukuze bamnikele kumbusi nasegunyeni lesiphathimandla. Zambuza-ke zathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhululma futhi ufundise okulungileyo, awukhethi buso bamuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngokweqiniso. Sivunyelwe yini ukuba sithele intela kuKhesari noma qha na?”
Kepha uJesu eqonda ubuqili babo, wathi kubo: “Ngikhombiseni udenariyu; umfanekiso nombhalo kabani okuwo na?”
Bathi: “OkaKhesari.”
Wayesethi kubo: “Ngakho-ke nikani uKhesari okukaKhesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu.”
Abakwazanga ukumhila ngamazwi akhe phambi kwabantu. Yabamangalisa impendulo yakhe, bathula du.
Kwase kufika kuye abathile babaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo; bambuza bathi: “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma umfowabo womuntu efa enomfazi, kodwa engenabantwana, umfowabo makamngene owesifazane, amvusele inzalo umfowabo ongasekho. Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa. Esokuqala saganwa, safa singenamntwana; umfazi wangenwa ngesesibili, nesesithathu samngena; zonke izelamani eziyisikhombisa zamngena, kodwa zafa zingashiyanga bantwana. Ekugcineni wafa nowesifazane. Ngakho-ke ekuvukeni kwabafileyo uyakuba ngumfazi kabani, lokhu zonke izelamani eziyisikhombisa wayeziganile na?”
UJesu wathi kubo: “Abantu balesi sikhathi bayaganwa, bayendiswa. Kepha labo okuzakuthiwa bafanele ukufinyelela kwelizayo nasekuvukeni kwabafileyo, kabaganwa futhi kabendiswa. Kabasafi kodwa bafana nezingelosi; njengalokhu bengabantwana bakaNkulunkulu, bangabantwana bokuvuka. Kepha lokhu ukuthi bayakuvuswa abafileyo, ngisho noMose wakuveza obala esihlahleni esivuthayo, lapho ebiza iNkosi ngokuthi, nguNkulunkulu ka-Abhrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe. UNkulunkulu kasiye owabafileyo, kodwa ungowabaphilayo, ngokuba bonke bayaphila kuye.”
Abathile bezazimthetho baphendula bathi: “Mfundisi, ukhulume kahle.”
Babengelokothe babuye bambuze utho.