NgokukaLuka 2:8-21

NgokukaLuka 2:8-21 ZUL20

Kwakukhona abelusi kulelo lizwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku. Ingelosi yeNkosi yabonakala kubo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; bagcwala ukwesaba okukhulu. Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi, ngokuba nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke, ukuthi namuhla nizalelwe uMsindisi, onguKhristu iNkosi, emzini kaDavide. Lokhu kuyisibonakaliso kini: Niyakufumana umntwana esongiwe, elele emkhombeni.” Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi: “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.” Kwathi ukuba zihambe izingelosi, zibuyela ezulwini, abelusi bathi omunye komunye: “Masihambe manje siye eBhethlehema, sibone le nto eyenzekileyo, iNkosi esazise ngayo.” Baphuthuma baya khona, bafica uMariya, noJosefa, nomntwana elele emkhombeni. Sebebonile, balanda ngalelo lizwi ababelitsheliwe ngalo mntwana. Bonke abezwayo bamangala ngokukhulunywe kubo ngabelusi. Kepha uMariya wawalonda wonke lawo mazwi, ezindla ngawo enhliziyweni yakhe. Abelusi baphindela emuva bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke ababekuzwile nababekubonile, njengokuba kwakukhulunyiwe kubo. Kwathi seziphelile izinsuku eziyisishiyagalombili, umntwana wasokwa, wayeseqanjwa igama kwathiwa nguJesu, igama elalishiwo yingelosi unina engakakhulelwa.