Kwakukhona abelusi kulelo lizwe ababehlezi endle, belinda umhlambi wabo ebusuku. Ingelosi yeNkosi yabonakala kubo, inkazimulo yeNkosi yabakhanyisa nxazonke; bagcwala ukwesaba okukhulu. Ingelosi yathi kubo: “Ningesabi, ngokuba nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu okuzakuba kubantu bonke, ukuthi namuhla nizalelwe uMsindisi, onguKhristu iNkosi, emzini kaDavide. Lokhu kuyisibonakaliso kini: Niyakufumana umntwana esongiwe, elele emkhombeni.” Masinyane kwaba khona kanye nengelosi uquqaba lwebandla lasezulwini, lumdumisa uNkulunkulu, luthi: “Udumo kuNkulunkulu kweliphezulu, nokuthula emhlabeni kubantu abathokozelwa nguye.”
Funda NgokukaLuka 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 2:8-14
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo