NgokukaLuka 2:1-7

NgokukaLuka 2:1-7 ZUL20

Kwathi ngalezo zinsuku, uKhesari Awugustu wakhipha isimemezelo sokuba kubalwe abantu ezweni lonke. Lokhu kubalwa kwabantu kokuqala kwenzeka lapho uKhwiriniyu engumbusi waseSiriya. Abantu bonke bahamba kwaba yilowo nalowo ukuyobalwa emzini wakubo. UJosefa naye wakhuphukela eGalile, emzini iNazaretha, waya eJudiya, umuzi kaDavide, okuthiwa yiBhethlehema, ngokuba wayengowendlu nowolibo lukaDavide, ukuze ayobalwa kanye noMariya owayemethembise ukuba abe ngumkakhe, ekhulelwe. Kwathi beselapho, safika isikhathi sokuba uMariya abelethe. Wazibula ngendodana, wayisonga ngendwangu, wayilalisa emkhombeni, ngokuba beswela indawo endlini yezihambi.