Kuthe esesondele emehlelweni weNtaba Yeminqumo isixuku sonke sabafundi saqala ukuthokoza nokudumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu ngazo zonke izimangaliso esizibonileyo, sithi: “Ubusisiwe uMbusi ozayo egameni leNkosi, ukuthula ezulwini nenkazimulo kweliphezulu!” Abanye babaFarisi besesixukwini, bathi kuye: “Mfundisi, bakhuze abafundi bakho.” Waphendula wathi: “Ngithi kini: uma bethula laba, amatshe azakumemeza.” Kwathi lapho esondela, ewubona umuzi, wawukhalela. Wathi: “Sengathi ngabe nawe ubuwazi ngalolu lusuku, lokho okungakulethela ukuthula. Kepha manje kufihlakele emehlweni akho. Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku lapho izitha zakho ziyakwakha ugange, zikuhaqe, zikuvimbezele macala wonke. Zikuqumbe phansi othulini, wena nabantu abanawe; aziyukushiya litshe phezu kwelinye phakathi kwakho. Ngokuba awusazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”
Funda NgokukaLuka 19
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 19:37-44
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo