UJesu wayesebalandisa umzekeliso, ebafundisa ukuthi kufanele bakhuleke njalo, bangadangali. Wathi: “Emzini othile kwakukhona umehluleli othile owayengamesabi uNkulunkulu, futhi engenandaba namuntu. Kulowo muzi kwakukhona futhi umfelokazi owayelokhu egqigqa, ethi kuye: ‘Ngenzele ubulungiswa maqondana nomelene nami.’ “Kwaba yisikhathi eside umehluleli engathandi. Kepha kamuva wadlinza, wathi: ‘Nakuba ngingamesabi uNkulunkulu, futhi ngingenandaba namuntu, kodwa-ke ngokuba lo mfelokazi ulokhu engibelesele, ngizakumenzela ubulungiswa, funa ekugcineni angicasule.’ ” INkosi yayisithi: “Lalelani-ke ukuthi wathini umehluleli okhohlakeleyo. UNkulunkulu akayukubenzela yini ubulungiswa abakhethiweyo bakhe, abakhala kuye imini nobusuku, ababekezelele na? Ngithi kini: uyakubenzela ubulungiswa ngokushesha. Ngabe iNdodana yomuntu iyokufumana yini ukukholwa emhlabeni mhla ifika na?”
Funda NgokukaLuka 18
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 18:1-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo