NgokukaLuka 17:15-19

NgokukaLuka 17:15-19 ZUL20

Enye yawo ibona ukuthi iphilisiwe, yabuyela emuva imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu. Yakhothama, yathi mbo ngobuso ngasezinyaweni zikaJesu, imbonga; yayingumSamariya. Kepha uJesu wakhuluma, wathi: “Akuhlanjululwanga yini abalishumi na? Pho baphi abayisishiyagalolunye? Abatholakalanga yini abazobuya bamnike udumo uNkulunkulu, ngaphandle kwalo wabezizwe na?” UJesu wayesethi kuye: “Sukuma uhambe; ukukholwa kwakho kukusindisile.”

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 17:15-19